|
[
Home
]
[ Speeches & Statements ]
Inkulumo ka Mhlonishwa Dr BM Radebe – Ilungu lePhalamende uNgqongqoshe woMnyango weNtuthuko yoMphakathi KwaZulu-Natal; emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni komkhankaso wokuvikelwa kwezingane oPhongolo eNcontshana
3 Jun 2011 Mphathi wohlelo, iNhloko yoMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi uMnu Bheki Nkosi, amaKhosi ahloniphekile, iziMeya, amaKhansela, iziNduna, amaLungu ePhalamende, abasebenzi beminyango kaHulumeni eyehlukene kubandakanya nabezokuphepha, Umphakathi wonke ngiyanibingelele Mphathi wohlelo silapha namhlanje ukuzokwethula ngokusemthethweni umkhankaso wokuvikelwa kwezingane. Siyazi sonke ukuthi isizwe esihle yileso esinakekela izingane, kungaleso sizathu-ke silapha namhlanje emcimbini obhekene ngqo nezingane. Wonke uMuntu ophilayo lapha eNingizimu Afrika kumele akwenze kube ngumthwalo wakho ukuthi ileyo naleyo ngane ivikelekile.
Mphathi wohlelo ngoLwesibili kade silaphaya eNquthu sethula wona lo Mkhankaso. Okubuhlungu Mphathi wohlelo kuthe kusaqhubeka umcimbi kwafika izindaba ezibuhlungu zokuthi kunezingane ezintathu esezishonile ngokuvaleleka efridgini elidala. Angisho ukuthi thina singuMnyango kusiphatha kabi kakhulu ukudlula komphefumulo ikakhulukazi osemncane ngalolu hlobo. Mphathi wohlelo kulezi zinsuku esiphila kuzo izingane zithola ukuhlumezeka okunhlobonhlobo, kungaba ukuhlukunyezwa ngamazwi, ukushaywa, ukwephucwa ilungelo lokufunda, ilungelo lokuba nekhaya kanye nokuhlukunyezwa ngokocansi. Ngike ngafika lapha ngenyanga edlule lapho ngathola khona umbiko ngengane ebihlukunyezwa nguyise oyizalayo ngokocansi. Izingane eziningi zibhekene nokuhlunyezwa ezingakwazi nokuthi zibike ngakho ngenxa yokuthi zibesaba futhi zibethemba labo bantu abazihlukumezayo. Kungumthwalo-ke wawo wonke umuntu ukubika uma ebona sengathi kukhona okushaya amanzi ngengane thizeni. Isikhathi esiphila kuso sikhungethwe izimo ezinzima nejngoba kunezingane ezibalelwa ezinkulunganeni eziphila ngaphandle kwabazali ngenxa yobhubhane lwe-AIDS. Lokhu kuholela ekutheni kube nemindeni eminingi egcina isiphetwe yizingane nazo ezisuke zisadinga ukugadwa. Uma ngingaveza nje izibalo zikhomba ukuthi zingu-37 448 izingane ezigcinwe ezikhungweni zoMnyango esifundazweni ezigcina izingane eziyizintandane, lokhu kukhomba ngokusobala ukuthi sibhekene nengcindezi engakanani ukuze sibhekelele inhlalakahle yalezi zingane. Siyazi ukuthi lezi zindawo esigcine kuzo lezi zingane azisilona ikhaya, yingakho sikhuthaza umphakathi lowo ongakwazi ukuba ufike ezikhungweni zethu ukuzo-adopter lezi zingane. Sinohlelo lwe-foster care lapho izingane zithathwa umndeni uzikhulise njengezawo, umzali owenza lokho uMnyango umnikezela ngesibonelelo sika-R740 njalo ngenyanga. SinguMnyango sinezihlelo lapho sibhekelela khona inhlalakahle yezingane. Ngaphandle kwalokhu esengikubale phezulu uMyango uphinde ubhekelele ukuthi ingane ngayinye isesikoleni. Yingakho zonke lezo zingane ezisezinkulisa zithola ukuxhaswa umNyango ngoR14.00 ngosuku ingane ngayinye. Kunabasizi basezinkulisa abaphuma ezinkulisa ezingu-601 abathole ukuqeqeshwa nguMnyango wami. Kulo nyaka wezimali ka-2011/12 uMnyango ubeke eceleni isamba sika- R546.4 million ukubhekelela izinhlelo ezibhekene nezingane nje kuphela. Ngaleyondlela sizokwazi ukwenyusa izinga esithuthukisa ngayo izinhlelo ezibhekenenezingane. Udaba lokunikezelwa ngokudla kulezo zingane eziswele nalo silusingethengendlela njengoba kunemindeni ephila nezingane engu-19 436 ethola amafood parcels kuwo uMnyango wami. Kunama-Forums angu-53 abhekeleukunakekelwa kwezingane, lama-forums athola ukuxhaswa khona emNyangweni wami. Singeke salushiya ngaphandle udaba lokuthi izingane zethu ziphila esimweni lapho kudlange khona izidakamizwa. Noma ngabe sisho luphi uhlobo lwezidakamizwa kusukela kugwayi, kungumsebenzi wethu njengeSizwe ukuthi sizivikele. Yingakho kunomthetho ohlongozwayo wokuthi abantu abadala abathuma izingane ukuba ziyobathengela utshwala noma ugwayi bathweswe icala. Lokho kungenxa yokuthi uma ingane ihlale yathunywa lezi zinto, ngelinye ilanga izoba nesifiso sokuthi nayo ike izwe ukuthi ngempela lento ehlezi ithunywa yona kanti injani. Kunomunye futhi umthetho ohlongozwayo wokuthi iminyaka yabantu abavumeleke ukuba bathenge ugwayi notshwala inyuke iye eminyakeni engu21, kanjalo nezindawo ezidayisa utshwala sekuzoqikelelwa ukuthi ziba kude nezindawo zokufunda. Ngikubeka emahlombe enu-ke nani mphakathi walapha ukuthi niqikelele konke okwenzeka ezinganeni. Uma kukhona nje ongakuqondi kahle ubona sengathi ingane kukhona ukuhlukumezeka ekutholayo, xhumana noSonhlalakahle bona baqeqeshiwe ukubona umuntu onenkinga noma yahlobo luni ngakwezomoya. Ngale kwalokho Mphathi wohlelo sinezinhlelo esinazo singuMnyango lapha endaweni, sinezinhlelo lapho sifisa abantu bakithi ukuba bazithuthukise ngaphansi kohlelo lwama-NPO’s, lapha nje angu-153 ama-NPO’s asesiziwe ukuba akwazi ukubhalisa, ayisithupha aseqeqeshiwe abe yisithupha futhi asesiziwe ngokuphathwa kwezimali. Ngiyabonga. Issued by: KwaZulu-Natal Social Development
3 Jun 2011
[ Top ]
|