|
[
Home
]
[ Speeches & Statements ]
Inkulumo ka Mhlonishwa Dr BM Radebe, Ilungu lePhalamende uNgqongqoshe woMnyango weNtuthuko yoMphakathi KwaZulu-Natal E-Mpumalanga
25 Feb 2011 Mphathi wohlelo, iNhloko yoMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi uMnu BL Nkosi, izikhulu zaloMnyango, iziMeya, amaKhansela abezokuphepha, abezindaba kanye nomphakathi wonkana waseMpumalanga. Mphathi wohlelo, ngingakenabi nje nenkulumo yami emayelana nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ngiyafisa ukugingqa itshe elisenhliziyweni yami mayelana nokukhathazeka kwabantu baseMpumalanga ekufinyeleleni ezidingweni zezenhlalakahle.
Ngiyazi zikhona izinkinga ezinhlobonhlobo kulo mphakathi kodwa ngibona enkulu kakhulu kuwukufinyelela kalukhuni ehhovisi lezenhlalakahle. Ihhovisi loMnyango elikhona kalingigculisi kahle ngenxa yokuthi indawo elakhiwe kuyo ingumgingqilizi okwenza abantu bathwale kanzima uma beya khona, ngingasaphathi-ke abakhubazekile. Ngiyalithutha-ke lelihhovisi.
Njengamanje, uMnyango wenza amalungiselelo okutholakala kwesiza nokubhaliswa kwaso kutholakale oma. Okulandela lapho mphathiwohlelo, wukunqoba inkinga yokwentuleka kosoNhlalakahle (Social workers). Kudingeka abangu 7000 kuzakhamizi ezingu 10,5 Million zalesisiFundazwe. Ngenxa yenhlupheko nezinkinga zezenhlalakahle ezikhungethe lesisiFundazwe, kudingeka lesisibalo siphindwe kabili kube ngu 14000. Lokhu sikususela ocwaningweni olwenziwa ngonyaka ka 2001 olulawula ukuba kube ne social worker elilodwa kuzakhamizi ezingu 1500. Lesisibalo siphindwaphindwa kabili lapho kwande khona izinhlupheko. Kungenzeka kasazi ukuthi yini eyenza kube nokwentuleka kwama social worker : -
Yisibalo esiphansi kakhulu esikhiqizwa yizikhungo zokuqeqesha ama social worker -
Amaholo aphansi uma kuqhathaniswe namanye amazwe okwenza bafudukele kwamanye amazwe uma bephothula iziqu zabo -
Ukwanda komthwalo wezinkinga zomphakathi ibe amaholo ephansi. Ukuzama ukunqanda lezi zinkinga, uMnyango uqeqesha osonhlalakahle uphinde ubaqashe khona lapha eMnyangweni. Ngesonto eledlule uMnyango bewemukela ama social worker angu 120 akade efundiswa nguMnyango. Laba basebenzi bazophoqeleka ukuba bahlale eMnyangweni kuze kuphele iminyaka emine ngokwezivumelwano abazisayinde noMnyango. Ngizwile nalapha eMpumalanga ukuthi kunokushoda okukhulu koSonhlalakahle njengoba kukhona abangu-8 kuphela nje ekubeni besebenza umphakathi onama-ward angu-8. Ngizwile ukuthi babhekene nengcindezi enkulu ikakhulukazi ngodaba lwama-foster njengoba kuthatha isikhathi eside ukuthi kulungiseke izinto.
SinguMnyango senza konke okusemandleni ukuthi sibhekane nezimo ezifuze lezi kungekudala nje ukuhamba kancane kwezinto kuzobe sekungumlando. Kuyangithokozisa-ke ukuthi ngoLwesithathu njengoba kade kumenyezelwa isabelo sezimali kuthiwe chatha kogogo nomkhulu njengoba befakelwe u-R60 kwathi labo abangaphezu kuka-70 weminyaka bona banyuselwa ngo-R80. Nezingane ezitholela isibonelelo kuHulumeni nazo sizwile ukuthi kuthiwe chatha ngo-R10, kwathi lezo ezithola i-foster kwathiwa chatha ngo-R30.
Umengameli wezwe uMnu GJ Zuma uthe enkulumweni yakhe yesimo sezwe (State of The Nation Address), uHulumeni uzokwakha amathuba emisebenzi angu R5 Billion. Lokhu kuzokwenzeka ngokuba umphakathi ubambisane noHulumeni. Lapha eMnyangweni sirejista izinhlangano zomphakathi ukuze abantu abasha baziqashe. Uma ninezinkinga, ningashayela inombolo ethi (033)2643000/1/2/3, ukhona umphathi uDr Ngcongo nethimba lakhe no Mrs Mzobe bayonisiza kakhulu. Khonamanjalo, ngihlele ukuba kube nabasebenzi abangu-26 abazohlanza izikhungo zama One Stop Development Centres, abazoqashwa ngokuphelele emnyangweni, kodwa sizomemezela ngokusemthethweni izikhala lapho okuyoqashwa khona abantu bendawo.
Mphathiwohlelo,mangingene enkulumweni yosuku yokuqwashisa umphakathi ngokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Enkulumweni yesimo sesiFundazwe (The State of the Province Address) uNdunankulu u Dr Zweli Mkhize, uthe kudingeka kube nobambiswano noMnyango wezempilo ekulweni nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Ngiyethemba sonke siyazi ukuthi ukufa kwabantu ezingozini eziningi, ukudaleka kwezintandane, ukulahlekelwa yimisebenzi, ukuwa kwemizi, ukungenwa yizifo ezithathelwana ngokocansi ezibandakanya ingculaza, kanye nokungena kwabantu emajele, kuyimiphumela wukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa emphakathini. Mphathi wohlelo, mangisho ukuthi izidakamizwa ngezinye zezinto ezejwayelekile kepha eziguqulwa ngabantu bazenze imikhuba eyehlukene ziphendule ingqondo icabange ngenye indlela.
Uyabona Mphathi wohlelo, i-spirit sisetshenziselwa ukubasa kodwa abantu bayasibhema, amaphilisi nemithi yokwelapha kuhle kodwa abantu bakuxuba kubeyingxube (concoction) elwa nemizwa kanye nengqondo. Ake ucabange nje lokhu kwesimanje Iwunga exube i rattex, ARV’s ne coccaine izinto eziyingozi kangaka, lowo muntu uzoba njani? Umuntu waloluhlobo, uma eseqalekile,(ephethwe yi arosta) uhlukumeza ngisho nomndeni wakhe imbala, ensthontsha ekhaya, adlwengule afune izinto ngenkani, enze neminye imikhuba emibi edalwa wukudakwa. Sike sezwa nokuthi baze bagqekeze nemitholampilo ukuze bathole ama-Arv’s kodwa ngempela hlazo lini nje lelo.
Mangisho mphakathi ukuthi abantu abasha badinga ukubhekwa ngeso elibukhali ngoba izingqondo zabo zisezintsha, manje bayathanda ukufunda okusha(experiment). Uma abazali bengaqaphelanga umuntu omusha uyadlubulundela asebenzise lezizinto ngenxa yokududana nabangani. Abazali bayaba yimbangela yokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa. Uma ingane yakho ingasebenzi, ingafundi kodwa ifuna imali kuwe mzali, uthi ifuna ukuyenzani? Uma ibuya nama cellphone nezinto ezibizayo uthi izithathephi? Pho umfihlelani umntanakho emaphoyiseni? Ngicela kusukela namhlanje wonke umuntu okhona lapha azibophezela ukuthi kukhona azokwenza ukulwanezidakamizwa, kungaba ukubika emaphoyiseni koSonhlalakahle, kumaKhansela kanye nasemakhosini uma nibona kunokusetshenziswa kwezidakamizwa okuqhubekayo endaweni.
Ngiyabonga.
Source: KwaZulu-Natal Social Development Issued by: KwaZulu-Natal Social Development
25 Feb 2011
[ Top ]
|